
I-MLCCP Inikele Ngezinsizakusebenza Ezidingekayo kwezoMdlavuza
Click here for English version
I-Multinational Lung Cancer Control Programme (i-MLCCP) yase-UKZN ngaphansi kophiko lwezocwaningo olwaziwa ngele-Cancer & Infectious Diseases Research Unit (CIDERU) muva nje yenze umnikelo omkhulu eSibhedlela i-Addington, obiza isamba esilinganiselwa cishe ezi-R102 000.
Izimpahla ezinikelwe kubalwa kuzo isihlalo se-multipurpose therapy, izihlalo ze-draughtsman, izihlalo zasehhovisi, imitha ye-hemoglobin ehambisana nama-strips, kanye ne-microwave, konke okuhloswe ngakho ukuqinisa uhlelo lwezempilo esifundazweni.
Umcimbi wokunikezela ngezinsiza ububanjelwe e-Addington Oncology Department lapho izikhulu ze-MLCCP kanye nabasebenzi basesibhedlela bebekhona. Kwababekhona kubalwa phakathi uSolwazi Themba Ginindza kanye noSolwazi Khumbulani Hlongwana, abaCwaningi abakhulu be-MLCCP; uDkt Shona Bhadree, oyiNhloko ye-Oncology esibhedlela i-Addington; kanye nabasebenzi abehlukene base-Addington Oncology kanye naseSibhedlela sase-Inkosi Albert Luthuli Central.
UGinindza ugcizelele ukuthi lo mnikelo uhambisana nenhlosongqangi enkulu ye-MLCCP yokuqinisa izinhlelo zezempilo. Uthe iminikelo izothuthukisa kakhulu indlela iziguli ezizophatheka ngayo kanye nendlela abasebenzi abazozizwa ngayo.
Ikakhulukazi, uGinindza uqhakambise ukubaluleka kwezihlalo ezinikelwe ekukhuthazeni ukunethezeka kwabasebenzi, okubenza bakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngempumelelo. Ukwengeza, isihlalo sokwelapha ngezinhloso eziningi sizosetshenziswa kwi-chemo suite ukuthuthukisa ukunethezeka kweziguli ngesikhathi sokwelashwa kwabo.
Umnikelo omuhle ovela kwi-CIDERU ngohlelo lwe-MLCCP ukhombisa ukuzibophezela kwabo ekwesekeni izikhungo zezempilo kanye nokuqhubekisela phambili umgomo wabo wokulwa nomdlavuza wamaphaphu. Kulindeleke ukuthi le minikelo ibe nomthelela omuhle ezingeni lokunakekelwa kweziguli okunikezwa esibhedlela i-Addington, okuhlomulisa iziguli kanye nochwepheshe bezokwelapha ngokufanayo.
Umbhalo: ngu-Nombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe